Ngenkathi evula iPhalamende likaZwelonke uMengameli wezwe uMhlonishwa uMbeki wathi, izwe lethu elihlangene ngobunye alikaze libe sesimweni sokwenza izinto ezinhle ezingakaze zenziwe selokhu labakhona
Ngalonyaka ngenkathi ethula inkulumo ngeSimo Sezwe uMengameli uMbeki wathi "kusobala ukuthi izindimbane zabantu bakithi kubacacele ukuthi izwe lethu lingene esigabeni esisha sethemba."
Lelithemba libe umbiko esiwuthole kubobonke abantu bakithi abesihamba phakathi kwabo sixoxisana ngezindaba zokwabiwa kwezimali. Uma sihlanganisa lesisabiwo sezimali, sahamba kuzozonke izifunda zalesisifundazwe silalela izifiso umphakathi ofisa ukuzibona zifezwa isabelo sezimali lesi esisethula namhlanje. Abantu abaningi bakhala kakhulu ngezindlu, imisebenzi eyizidingo njengamanzi kanye nezempilo.
Amazwe asathuthuka kanye nalawo eyengawamadlelandawonye awanayo indlela yokwenza izinto abantu abanazo ukuba zamukeleke ohlelweni lokubambisa emabhange lapho kubolekwa izimali. Imisebenzi yabampofu ifana nezinkampani ezingakwazi ukukhipha amasheya ukuze zithole ezinye izimali zokuqhuba imisebenzi yazo. Ngaphandle kokwazi ukwenza lokhu, imisebenzi yabo ifana nefile. Abantu abaningi abahlala kulamzwe abanayo indlela yokwenza ukuba izinto abanazo zamukeleke njengezibambiso zemali mboleko. Yilokhu okwenza ukuba ukukhula komnotho ongaphakathi kulamazwe kubenzima yize abantu sebenza zonke izinto ezenziwa ngabamazwe aseNtshonalanga. Yiyo-ke le imfihlakalo yomnotho wama Kapitali.
Saqala ngonyaka owedlule loluhambo olubheke entuthukweni sazi kahle ukuthi loluhambo lude futhi luzosithatha iminnyaka ngaphambi kokuba sifinyelele lapho sibheke khona. Sajatshuliswa ukuthi sikwazi ukwenza isiqalo esibhekile. Asizukuyishintsha-ke lendlela esesiyiqalile. Sizohamba ngayo nangawo lonyaka esiwuqalayo. Inkambiso yethu Yesabelo Sezimali Sabantu idinga ukuthi silalele imizwa nemibono yabantu abehlukene. Senzenjaloke nangalonyaka.
Sihlangene nabamasonto basipha imibono yabo, sihlangene nezinhlangano zabasebenzi zasinika imibono yazo; kanti sihambele izindawo eziningi sihlangana nomphakathi ezindaweni zawo umphakathi.
Sibonga kakhulu ukuthi umphakathi wakithi ulusukumela kangaka loluhlelo. Somlomo namaLunga aHloniphekile, ulwazi esiluthola kubantu emakhaya luphuse kakhulu. Size sibone sengathi izinga lemibono lithi alifuze leli esificana nalo lapha kuLendlu yakho eHloniphekile.
Uma ngingacaphuna nje eminye yemibono, ngenkathi siseMandini nangenkathi siseBergville kwaba nombono ofanayo uvela ku Jabulisiwe Sithole kanye no Thabani Kubheka wokuthi sengathi imali eyabelwa uMnyango wezezindlu iyehla kanti isidingo sezindlu sisalokhu sibonakala senyuka. Ngiyethemba bazojabula ukuzwa namhlanje ukuthi isabelo sezimali soMnyango wezezindlu sinyuke ngo 29%.
UMnumzane uThamsanqa Thwala waseThekwini wathi uma kuqhathaniswa isabelo sezimali soMnyango weMfundo kanye noMnyango weZempilo, kunomahluko omkhulu. Esikhathini esiningi uMnyango weZempilo iwona obonakala uhlehlela emuva. Kanti siseShowe uMnz Lucky Mkhize yena wayebona ukuthi uMnyango wezeMfundo ungathi ukwengezelwa imali. Ngiyethemba ukuthi impendulo ethi izabelo zaleMinyango yomibili sikhulile sizobathokozisa.
Sezwa futhi abantu ezindaweni ezahlukene bekhalaza ngokungasizakali ngesikhathi eThala emva koqeqesho kanye nokuthumela ama business plan abo.
Kuzozonke izindawo esizihambile sithole izinto ezifanayo. Lokhu kubonakala kunjalo naseZifundazweni ezinye zakulelizwe. Impendulo yami-ke ithi SIZWILE! Isabelo sezimali sabantu sika 2006/07 lapha esifundazweni kanye nakuzwelonke ibeka izindlela ezicacile ezinika izimpendulo kulezizicelo zomphakathi.
Ngonyaka ka 2007, akukho muntu oyobe esasebenzisa amabhakede njengendlu yangasese.
Lesisifundazwe ngeke sisalele ngemuva ekuphumelelisweni kwalemigomo yokuthuthukiswa kwezwe. Kungakho esabelweni sezimali salonyaka kunezimali ezengeziwe kuwowonke amavoti, sibalula ikakhulukazi imali yezingqalasizinda. Lesisabelo sezimali sizokhomba imali ebekelwe imisebenzi ebaluliwe ngobumqoka bayo emenyezelwe nguNdunankulu ngenkathi ethula inkulumo ngeSimo Sesifundazwe ngesonto eledlule.
Uma lempilo yethu ibiyinto enhle, yini sizithokozise ngoba unyaka udlulile?
Sethula uhlelo lokuguqula umnotho walesisifundazwe ngonyaka owedlule ngenkathi sethula isabelo sezimali sika 2005/06.
Ngengoba singena eminyakeni emithathu emisha yokwabiwa kwezimali, kubalulekile ukuhti sinikeze umbiko wokuthi sisebenze kanjani kulezizingenelelo zangonyaka owedlule.
Sibe nemiphumela emihle kakhulu kulonyaka owedlule emizamweni yokukhulisa umnotho kanye nokukhuliswa kokutshalwa kwezimali. Inhloso enkulu yethu ukubeka lesisifundazwe endaweni yokuqala ekuxhumaniseni amazwe aphesheya kanye ne Afrika yonkana.
Sekuqediwe-ke ukuhlela inkampani lena ezosingatha lesisikhwama. Ngokunjalo nebhodi elizongamela ukusebenza kwenkampani lena engaphansi kweThala seliqokiwe.
Baba Somlomo lobu ubufakazi bokuthi siqalile lesikhwama ukwenza umahluko.
Ngakho-ke simema abatshali zimali abazimele ukuthi balethe imisebenzi efuze lena engabhekelwa ngaphansi kwalesisikhwama.
Ngonyaka owedlule sihambele izindawo ezinhlanu ukuyoheha abatshali zimali bangaphandle. Lena eye yezindlela ebalulekile yokwenza ukuthi isifundazwe sithole izimali ezitshwalwa zivela ngaphandle kwaleli. Saya iJalimane, e Itali, e Korea, e Japan kanye nase Ndiya ngonyaka owedlule.
Imininingwane eminye siyoyethula ngesikhathi esizayo mayelana nokusebenza kwalezizinhlelo.
Angidingi ukukhumbuza amalungu ahloniphekile ukuthi ngonyaka owedlule sethula isabelo sezimali esabe singumgogodla wokulwa nobuphofu kanye nokwandisa amathuba abantu emnothweni. Ngiyajabula ukubika kafushane ngesikuzuzile kuloluhlelo.
Baba Somlomo, sanelisekile ngenqubekela phambili ekwakhiweni nasekubulekweni kwamacoooperatives ngezimali. UMengameli ugcizelele ngenkathi ethula inkulumo ngeSimo Sezwe ukuthi ukwelekelelwa kosomabhizinisi abancane kanye namacooperative kuyinto emqoka kakhulu kuzwelonke. Kulesisifundazwe uhulumeni uthatha loluhlelo njengokhiye ekuvuleleni izinkulungwane zabantu bakithi ukuba bangene emnothweni.
Onyakeni ozayo sizongena ohlelweni lokwenza ukuthi amacooperatives asimame akwazi ukwenza imisebenzi yawo ngendlela.
Ithala noHulumeni wesiFunda bayavuma ukuthi lemfuneko yemali ngeke yahlangatshezwa yiThala lilodwa. Kulonyakamali ozayo, sizobe siqala uhlelo olusha lokuxhasa osomabhizinisi abafufusayo - imininingwane yalokho ngizoyidalula maduzane nje.
Okubaluleke ngokufanayo wukuthi uhlelo lokukhokhela osomabhizinisi yiminyango kahulumeni aluzi kahle. Kuvamisile kuzwakale ukuthi kuyalitshalwa uma kukhokhwa kodwa umsebenzi sewenziwe Uhlelo lokukhokha kufanele lulungiswe ukuqinisekisa ukuthi akulitshalwa ngoba lokho kwenza ingcindezi emalini engenayo nephumayo. Sengicele-ke UMnyango onguMgcinimafa ukuthi wakhe ithimba elincane elizobhekelela ukusheshiswa kokukhokhelwa kwamaco-operatives nama SMME's, okuzoba nanocingo lwamahhala lokubuza. Lokhu kuzokwakhiwa ngo April 2005.
Somlomo, enkulumweni yanyakenye ngabeka ngangokuthi singeke saphumelela njengohulumeni uma singaqinisekisi ukuphathwa kwemali esiyifaka ezinhlelweni ezahlukahlukene. Ngakho-ke sizimisele kakhulu ukuvikela abakhokhi bentela ngokuthi siqinise kwezokuphathwa kwemali nokuphatha jikelele.
Ushintsho kwinqubomgomo ekuphathweni kwempahla nokuthengwa kwezimpahla nezinsiza luhamba kahle ngesikhathi futhi kuzolungisa okuningi.
Lolushintsho lubandakanya ukufakwa kwethuluzi lokuphatha kolwazi ngempahla ethengiwe futhi thuluzi lelo elixhunyaniswe nohlelo lokuthenga izimpahla nezinsiza kanye nendlela esebenza ngogesi yokuthenga(amakhothi namathenda) - loluhlelo luzosiza ukusheshisa umsebenzi kanye nokuvimbela ukukhwabanisa nenkohlakalo.
Njalo ngekota kunika ikhabhinethi umbiko ngengcuphe iminyango engaba kuyo. Lokhu kuyisinyathelo esibaluleke kakhulu ngoba ukusukela manje ingcuphe yeminyango seyizokwethulwa ezingeni eliphezulu.
Kube khona impumelelo ekungabekezelelini ukukhwabanisa nenkohlakalo. Kwenziwe ngempumelelo uphenyo oluyisithupha oluphezulu mayelana nokukhwabanisa, inkohlakalo, ukuntshontsha, ukungaphathi kahle, neminye imikhuba ebize amashumi ngamashumi ezigidi zamarandi eminyangweni eyahlukene, amapublic entities kanye nomasipala. Amanye amacala angaphambi kwezinkantolo kanti futhi namacala okungaziphathi ngendlela efanele aseqaliwe yiminyango ephathekayo. Amanye amacala amahlanu abandakanya amaqembu ezigebengu aseqaliwe futhi sesixhumane noFezela neQembu eliphuca Imigulukudu Impahla ukusebenzela ukushushisa okunempumelelo.
Ngesikhathi uMongameli Mbeki ethi: "Kusobala ukuthi izindimbane zabantu bakithi bayakholelwa ukuthi izwe lethu selingene esikhathini sethemba", nginesiqiniseko sokuthi thina KwaZulu Natali sithi SIYAVUMA. Kodwa-ke abanye benu bangabuza kufanele ukuthi kungabe lokhukungelela kukahulumeni kusizile yini ekwenzeni ngcono umnotho.
Ngingasho ngokuzethemba ukuthi izinhlelo kanye nezingosi zomnotho ezibekwa phambili nguhulumeni, ngaphandle nje kweyodwa noma ezimbili, zibukeka zihlanza imiphumela emihle uma kubhekwa umsebenzi weminyaka emibili eyedlule.
Izingosi zesiFunda ezikhule kakhulu ngo 2004 kwakungeyozokwakha, ekhule ngo 28,8% nezezimali, ezezindlu nezinsiza zamabhizinisi ezikhule ngo 7,9%. Ingosi yezokukhiqiza ikhule ngezinga elihle like 4,5 %.
Ukuthi ukusebenzisa imali kukahulumeni nezinhlelo zakhe kuthelele kanganani kulokukhula okuncomekayo, kulukhuni ukusho okwamanje.
Uma ubheka lokhu ithini incithomali kahulumeni enqala yeMTEF ezoqala emasontweni ayisithupha?
Besengibekile ukuthi ngikholwa ukuthi kubalulekile ukuba khona kwendlela eyodwa yohlaka lwesabelomali ukuze ngokuhamba kwesikhathi kube khona okuzwakalayo. Yize ke noma sesikwazili ukugalela kuzwakale ebuphofini, ukungasebenzi nokungatholaka kwezinsiza nyakenye, kusekuningana okufanele sikwenze. Esikhathini esizayo. Kanjalo-ke iSabelomali sesiFunda sizoqhubeka nokudlala indima njengethuluzi lokulungisa izingqinamba somphakathi nezomnotho esibhekene nazo.
Ukwandiswa kwezinhlelo nokuthuthukiswa kwamakhono okubhekiswe ekwenzeni ngcono ukulethwa kwezinsiza.
ingeniso kumuntu ngamunye iyonyuka ngo 50% eminyakeni eyishumi izinga lokungasebenzi liyokwehla ngohhafu.
Kungukuphupha-ke nokho ukubheka ukuthi umnotho wesiFunda ungavele uziphose endleleni yezinga eliphezulu ngokwawo. Ukukhula okungaka kuyodinga, phakathi kokunye, ukutshalwa kwezimali okuqoqekile ezingqalasizindeni lapho uhulumeni nosomabhizinisi bangasese beyoba neqhaza.
I Dube TradePort efaka isikhumulo sezindiza sezinga eliphezulu e King Shaka International seyibe nempumelelo enkulu futhi sikholwa wukuthi izobe seyisebenza ngo 2009.
Nokuthi umhlaba wase LA Mercy udayiselwe isiFunda.
Somlomo, Malungu Ahloniphekile, mangikugcizelele ukuthi uma kuzohlangatshezwane nogwayi katiki obekiwe - ukwahluleka ukwenza lokhu akungacatshangwa nokucatshangwa kufanele abadlali bendima benze lokho okufanele, kubandakanya nesiShayamthetho.
Ukuphokophela kwethu ekunciphiseni isikhala phakathi komnotho wokuqala kanye nalowo wesibili kuzoqhubeka kube wumongo weqhinga lethu lentuthuko yomnotho eminyakeni emithathu ezayo - sinombono esingusuke kuwo wokuthi singaphumelela ukuthuthukiswa umnotho kuphela uma sifukulwa abantu bonke bakithi.
Sihlose ukwakha umnotho wesibili ngezinhlelo esaziqala ngonyaka odlule.
Engakapheli uJune umnyango wezokuthuthukisa umnotho uzobamba ingqungquthela ezohlanganisa omasipala ukuze kuboniswane indlela yokuthuthukisa umnotho wezindawo zangaphakathi.
Ngenxa yezicelo eziningi zokuxhaswa yiThala, kwadingeka ukuthi inhloko yomnyango wezimali imeme amabhange nabanye ukuze baxhase osomabhizinisi abafufusayo ukuze umthwalo weThala unciphe.
Amabhange nabanye babonisa esikhulu isithakazelo ekusebenzisaneni nohulumeni. Lolugqozi lubonakaliswe ngokusungulwa kwendlela ewubuchwepheshe yokuxhasa osomabhizinisi ngezimali ebizwa ngokuthi i-KZN SMME Fund. Uhulumeni, uzosebenzisana nezinhlangano zezimali ukusungula osomabhizinisi abancane nabaphakathi nendawo ukuze kuvele amathuba emisebenzi futhi kuthuthukiswe unmotho kanye nokubhekelelwa kwe siZwe esimnyama.
Ozakwethu bebhizinisi nezindawo zemali ezizibandakanya kulesiSikhwama bayovumelana ukuthi basebenzise izicelo eziqhamuka eThala. Kufanele ke abafaka izicelo bangamangali uma befaka izicelo eThala kodwa izicelo zabo ziphelele kwamanye amabhange nezikhungo zokuxhasa ngemali. Okubalulekile wukuthi izicelo zizosetshenzwa zonke kulonyakamali ozoqala.
Isikhwama sakhelwe ukuthi sibe yilabo kujikeleza khona wonke umsebenzi wokuboleka imali osomabhizinisi abancane, esingazami kuncintisana nebanye ababolekisi noma ukuxosha ababolekisi abahlumayo kodwa ukwengeza kosekukhona kusizakale labo abakwazi ukuthola usizo ngezizathu ezahlukene.
Enye inhloso kahulumeni ukuthuthukisa ezolimo, ukuze imindeni ibe nokudla okwanele kanye nokukhuphula izinga labalimi. Isifundazwe sakwaZulu Natal sinethuba elihle lokukhiqiza izitshalo, izithelo kanye nemikhiqizo-nyama ukuze idayiswe emazweni angaphandle njengase Yurophu, eMelika, eMpumalanga ePhakathi nase Asia. Enye inhloso kahulumeni ngokubhukula kwezolimo ukunciphisa ukwethembela emazweni angaphandle nokwehlisa amanani entengo yokudla okwejwayelekile.
Ukuvula amathuba okuthola ulwazi olunzulu lwezolimo.
Lohlelo lwezolimo luzoqinisa imiphilandawonye esezingeni lesibili ezifundeni mayelana nazonke eziphathelene nezolimo kuhlanganise ezokudayisa, ezokuthutha, ezokukhiqiza, nosizo ngolwazi olunzulu lwezolimo kanye nemalimboleko yokuthenga ogandaganda manathuluzi okulima. Ngalendlela uhulumeni uzokwazi ukuxhasa ezinye izinhlelo njenge CASP ne Siyavuna.
Siya ngokukhula isidingo sokuba uhulumeni angenelele emnothweni wesibili ngamathuluzi okunika amandla omnotho, Ithala. Yize noma kuphumelele okuningi nyakenye mayelana nesibalo sosomabhizinisi abasha, kunesidingo sokunyusa ijubane ekunikeni abantu izidingo zabo zebhizinisi laphaya eThala.
Ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lokubuyiselwa komhlaba luhamba ngokuthi kulungiswe izinhlelo ezithile zomnotho kulezozindawo.
Le unit izofaka amandla okudiliva izinhloso zikahulumeni zokunciphisa ubuphofu nokwehlisa ukungasebenzi.
Le Unit izosebenzisana kakhulu noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, amahhovisi esifundazwe e Khomishane yokuBuyiselwa koMhlaba neziNdaba zoMhlaba naminye iminyango yesifunda ngenhloso yokuqinisekisa ukungafadabali kwamaphrojekthi anqala okubuyiselwa komhlaba angu 20 esiFundeni. IThimba elididiyelwe yi Economic Technical Cluster ye Khabhinethi selakhiwe lanikwa igunya lokuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asekhonjelwe ukubuyiselwa kubanikazi bomhlaba njengokufuywa kwezinyamazane nezokuvakasha zemvelo, ukukhiqizwa komoba nezingongolo ziyaphumelela futhi zisimame esikhathini esifishane engenzeka. Ngaphandle kokwenzelela, ukusweleka kwemali yokuqala ibhizinisi yiyona ngqinamba ebaluleke ukudlula zonke empumelelweni futhi lokhu kugxile emsebenzini we Accelerated Economic Development Unit nabanye ababambi-qhaza asebebaliwe.
Indawo yesithathu lapho uhulumeni ehambisa phambili yileyo yokwandiswa futhi nokwenziwa ngcono kwekhwalithi yezinhlelo namaphrojekthi.
Somlomo, sisathi sizinikele njengesibonelo ukuqhubeka nokulwa nesandulela-ngculazi ne ngculazi emphakathini wethu. Ngakho-ke iminyango isiyonke izochitha imali engengaphansi kuka R3bn eminyakeni emithathu ezayo ukulwa lempi, kubandakanya ukwandiswa kwe PMTCT, imishanguzo kanye nokunakelela ekhaya - lesibalo siyisamba semali yezeMpilo, ezeNhlalakahle nezeMfundo. Leminyango izonikezela ngemininingwane ngalokhu nezinye izinhlelo zokulwa nobuphofu emiqulwini yayo yesabelomali.
Somlomo, sengikhulume kabanzi ngemigomo ebalulekile kahulumeni. Akengichaze ukuthi ihlukaniswa kanjani imali yesizwe kuleminyaka emithathu ezayo.
UNgqongqoshe wezimali kuleli, wabeka phambi kweSishayamthetho uhlahlo lwezimali lwayo yomithathu imikhakha kahulumeni. Imali engago R31 billion izokwabelwa ohulumeni bezifundazwe.
IThabhula 1enkulumeni eshicililwe likhombisa imali eyengeziwe yesifundazwe. Lokhu kuhlanganisa nemali eqoqwa ngaphakathi kwesifundazwe. Uma sibeka eceleni imali yomshwalense wezempilo yabasebenzi bakahulumeni, ukususwa kwemigomo emalini yokusiza abahluphekwayo ngokudla kanye nemali yokulwa neNgculaza, isifundazwe sisala no 397 million ngo 2006/07. Lemali izonyuka ifinyelele ku R3.2 billion ngo 2008/09.
Ngaphambi kokuba ngikhulume ngezincomo ezimayelana nokuthi lesabelo esingeziwe sizokwabiwa kanjani kwiminyano kahulimeni, ngivumele ukuba ngichaze kafushane ku-Malunga aHloniphekile ngendlela elandeliwe ukuhlangabezana neziphakamiso zesabelo-zimali esibekwa kwiNdlu ukuba isisibhekisise namuhla.
Khona-manjalo, iqophelo lolwazi olutholakala kwiminyango kahulumeni mayelana nencithakalo ngokwezindawo kanye namagebe ekulethweni kwezidingo ayiphelele. Kwenziwa sobala kwiminyango ukuthi lendlela yokulungiselela iabiwo-zimali isizoba inqubo esikhathini esizayo. Uma kungekho okunye, lendlela iveze ishintsho kwiminyango futhi iyinto yokuqala ebhekisisa ukuhlangatshezwana nokulethwa kwezidingo phakathi kukahulumeni wasekhaya kanye nowesifundazwe.
Ngokuka-2006/07 MTEF, imali ungu-R9,7 wezigidigidi engeziwe yayisezicelweni zeminyango kahulumeni. Lokhu kusho isabelo esingu-R4,6 wezigidigidi ekhona kwisifundaze. Ngenxa yokunganeli kwezimali, kwadingeka ukuba kubhekisiswe izidingo ngqali - lokho empeleni kuchaza kahle kamhlophe ukuthi siyini isabelo-zimali.
Somlomo, manje sengibheka izinselelo zesabelo-zimali sika-2006/07 MTEF.
Ngokukanyaka u-2006/07, isifundazwe sisibekele ukuqoqa imali elinganiselwa ku R37,191 wezigidigidi. Lokhu okuchaza ukwehla ngo-18,4 wamaphesenti uma kuqhathaniswa nesabelo-zimali esedlule. Ngaphambi kokuba aMalunga aHloniphekile aze athuke, ngithanda ukuchaza ukuthi ukwehla lokhu kubangelwe ukususwa kohlaka lwesabiwo esinemibandela olubhekene nezimpesheni kwisabelo sesifundazwe - loluhlaka ludluliselwe kwi-South African Social Security Agency esanda kusungulwa kuhulumeni omkhulu. Uma kususwa loluhlaka olulinganiselwa ku-R13,8bn ngo 2006/07, isabelo sesifundazwe sikhula ngo 13.4 wama pesenti ngaphezulu kwisabelo-zimali esedlule. Lokhu akukhona ukudlondlobala okubabazisayo, kanti futhi kunokungabaza okuncane okuthi uhulumeni wesifundazwe unemali eyanele ukufezekisa umgomo anawo kubantu.
Manje sengibhekana nezinselole kwincithakalo zimali. Maqondana nazimiselo ezasungulwa kanye nezindlela zolawulo lwezimali, isifundazwe sibheke kwisabelo isimile ngonyaka ka-2006/07 kanye neminye emibili ezayo. Imali engenile kwisifundazwe ngonyaka u-2005/06 ingu R37,19 wezigidigidi, eyabelwe iminyango kahulumeni.
Somlomo, ngifuna ukungcizelela ukuthi ngaphambi kokuba i-Khabhinethi inqume ukuthi isabelo esengeziwe sicakazwe kanjani ngokweminyango, senze ucwaningo olunzulu ukwenzela ukuthi zonke izinhloso ezibalulekile kuhulumeni omkhulu okubalwa ezeMfundo, ukunakekelwa kwempilo (okubalwa ingculaza kanye nesandulela sayo) izidingo zezenhlalakahle kanye ne-EPWP zabelwe ngokulingene. Loluhlelo luveze ukuthi lezizinhloso ezibalulekile zikahulumeni omkhulu sizixhasa ngaphezulu kokufanele, futhi zonke izinhloso ezibalulekile zikahulumeni omkhulu zithole ukunyuselwa kwisabelo-zimali sika-2006/07 MTEF.
Unyango wezeMfundo uthole isabelo sezimali esingu R1,069 wezigidigidi, kusabelosezimali salonyaka. Isabelo zimali salonyaka sibonisa ukukhuphuka ngamaphesenti angu 11.7 uma kuqgathaniswa nesabelo sezimali sonyaka udlulile. Loku kukhombisa ngokusobala injongo kahulumeni yokuzibophezela ngokunikezela ngemfundo esezingeni eliphakeme esifundazweni. Lesisamba semali sifake nemali engu R135 wezigidi, yokwenza uhlelo olusha lokufunda, ne EMIS, uhlelo lokufunda kwabadala, FET kolishi, kanye nomthetho wokungakhokwa kwemali ezikoleni.
Umnyango wezeZimali wabelwe ngo R1,069 wezigidigidi. Lokhu kwehle ngamaphecenti angu 1.8 uma kuqgathaniswa nesabelo sezimali sonyaka udlulile.
Unyango wezeZindlu wona uthole isamba esingu R1,252 wezigidigidi, lokhu kukhombisa ukukhula ngamaphesenti angaphezu kuka 29.1 uma kuqgathaniswa nonyaka owedlulile. Kulokhu kukhona nezimali zokuthuthukisa indlala okusetshenzwa ngayo kulonyango ezingu R18,9 million, kanti u R4m ubekelwe izindleko ezingalindelekile..
Umnyango wezokuSebenza uzothola u-R451,5 wezigidi, okusho ukudlondlobala okungu wama phesenti phezu kwesabelo sika-2005/06.
Somlomo, kuyinjabulo nenselele ukuhlanganisa ukwabiwa kwezimali. Kuyinjabulo ngenxa yokuthi kuhlanganisa imibono eminingi evela emphakathini okwenza lesisabelo sibe ngesophakathi. Kunyinselele ngoba imali ihlale inganele uma kuqhathaniswa nezidingo zomphakathi. Noma kunjalo, kungiqinisa idolo ukwazi ukuthi siphumele ukutshala izimali ezindaweni ezibalulekile zesifundazwe sethu.
Loluhlahlo zimali luzothuthukisa umnotho, luveze amathuba emisebenzi futhi lunciphise ubuphofu nobubha. Izinsizakalo zomphakathi zizothuthukiswa njengoba imali eyengeziwe ifakwe kulomkhakha. Kuyinkolelo yami ukuthi lesisabelo zimali sizobeka isifundazwe endleleni yohambo olubheke ekunethezekeni.
Ngempela ngempela Somlomo namaLungu aHloniphekile, KUZOBA NGCONO.
